Our 10 Plans
1. Ukuntshontshwa kwemali ezimotweni ezithuthayo
Umqondo wethu owokuqala ukubheka enye indlela esingaqhamukela ngayo ukubanjwa inkunzi kwezimoto ezithwala imali. Abantu abaningi bacabanga ukuthi indlela yokulungisa lento ukwengeza amaphoyisa nokuqinisa ukuvikeleka kwezimoto. Thina sicabanga ukuthi isixazululo salokhu silula. Bheka ividiyo yethu ukubona ukuthi kulula kanjani.
2. Inzuzo yezokumbiwa phansi
Umqondo wethu owesibili indlela yokulungisa Inzuzo Yezokumbiwa Phansi. Isikhulu seBLSA uMnuz Bonang Mohale ubuze iCliff Central ukuthi yin’daba sithumela igolide namadayimane ethu e-Indiya naseChina kunokuthi sizakhele imigexo. Impendulo kanye nendlela yokuyilungisa lento ilula. Bheka ividiyo yethu, uthole impendulo!
3. Imfundo
Ividiyo yesithathu ibheka imfundo. Sinezinhlelo eziningi zokulungisa imfundo. Lolu uhlelo lokuqala futhi luzoshesha, kulula futhi akubizi. Bheka ividiyo ukubona ukuthi kwenziwa kanjani, uphinde ukhumbule ukukhombisa nabanye.
4. Ukunyusa Ezokuvakasha
Ividiyo yesine ibheka ukunyusa ezokuvakasha, kakhulukazi kwabantu abaseAfrica. Lento ilula, ivikelekile futhi ayibizi lutho. Buka ividiyo ukuze ubone ukuthi kwenziwa kanjani, uphinde ukhumbule ukukhombisa nabanye!
5. Ukunyusa izinga lokuphoyisa
Sonke siyazi ukuthi lana eMzansi Afrika ubuphoyisa buyinkinga. Kodwa kukhona izinto ezincane esingaqala ukuzenza ukuze kubengcono. Njengamanye amacebo ethu, lena ilula futhi ayibizi lutho. Bheka ividiyo yethu, uzibonele ukuthi kwenziwa kanjani, uphinde ukhumbule ukukhombisa nabanye.
6. Amathoyilethi asesikoleni
Abantwana bayashona emathoyilethi omgodi ezikoleni ezweni lonke. Asinaso isizathu sokungayilungisi lento. Bheka ividiyo ukubona ukuthi singenzenjani, uphinde ukhumbule ukukhombisa nabanye!
7. Ukuhlukumezeka Kwabantu Besifazane
Yonke iminyaka, uhulumeni wethu wenza umkhankaso we- “16 Days of Activism Against Women and Children”. Izigidi zemali ziyasetshenziswa kodwa izinga labesifazane kanye namantombazane abahlukunyezwayo, abadlwengulwayo nababulawayo liyakhula ngonyaka nonyaka. Sinexazululo langempela. Bheka ividiyo ukhombise nabanye.
8. Ukushiywa Kwe-Matric
Yonke iminyaka, abafundi abadlula uhhafu wesigidi bayasiyeka isikole ngaphambi kokuthi babhale uMatric. Uhulumeni akasazi isizathu salokhu. Kulevidiyo sichaza isizathu, nokuthi siyilungisa kanjani lento.
9. Ukulungisa Inkinga Yezidakamizwa
Izidakamizwa ezingekho emthethweni zibhidliza imindeni yethu futhi zibhubhisa umphakathi wethu. Lapho izidakamizwa ziba inkinga, ubugebengu obunjengokuntshontsha nokubulala buyanyuka. Sinendlela yokuyilungisa lento.
10. Ukulungisa Inhlalakahle
Le vidiyo yokugcina ochungechungeni lwethu cishe umqondo wethu obaluleke kakhulu ukulungisa izwe lethu. Njalo ngonyaka, inani labantu abangasebenzi likhula ngesivinini esisheshayo kunalabo abasebenza. Asikwazi ukukhokhela izibonelelo zomphakathi...